Share

Owesilisa usola umkakhe ngokuqwayiza

Johannesburg – Owesilisa waseWestonaria eGauteng usola umkakhe ngokuba umahosha njalo uma sekusondele amaholidi kaKhisimusi.

Ngokubika kweDaily Sun uKwazi Sithole oneminyaka engu-53 ubudala ukhala ngomkakhe weminyaka engu-25 ukuthi uyamshiya amtshele ukuthi uvakashela izihlobo eKagiso kodwa uma eyombheka akamtholi futhi nocingo lwakhe lusuke luvaliwe.

“Sekukaningi ngimbaba namanye amadoda, kwesinye isikhathi ngize ngibafice embhedeni wami uma ngingekho ngihambe nomsebenzi,” echaza.

“Uma ngimbuza ngendlela aziphatha ngayo ungitshela ukuthi akuhlangane nami futhi kumele ngimyekele,” esho.

UKwazi uthe umkakhe umshiya njalo ahambe nabesilisa abahlukene kwesinye isikhathi usebenzisa imali yami ukuzijabulisa nala madoda emahhotela.

OLUNYE UDABA: Unkosikazi ungishiye ngoba ngimumbi

“Uma  ngikhononda ngokwenza kwakhe ungibizela amaphoyisa bese ngiyaboshwa njalo.

Ngiyamthanda yena nabantwana bami yingakho ngisebenza kanzima ,” echaza.

Eziphendulela uBusi oneminyaka engu-47 ubala utshele leli phephandaba ukuthi umyeni wakhe uyisidakwa esihlale simhlukumeza ngasosonke isikhathi phambi kwezingane zabo ezintathu. Uqhube wathi umyeni wakhe udinga usizo.

“Angiyena umahosha futhi angikaze ngiphinge,” esho enanela ngokuthi uma ehamba usuke ebalekiswa uyena ngoba emhlukumeza njengoba ngelinye ilanga acishe ambulala.


      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 161 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 236 votes
Vote
Rand - Dollar
19.02
-0.6%
Rand - Pound
24.01
-0.5%
Rand - Euro
20.52
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.35
+0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.6%
Platinum
900.40
+0.4%
Palladium
998.40
-0.3%
Gold
2,211.77
+0.8%
Silver
24.64
-0.0%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,114
+0.6%
All Share
74,310
+0.5%
Resource 10
56,946
+2.3%
Industrial 25
103,653
+0.4%
Financial 15
16,467
-0.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE