Johannesburg – Owesilisa waseWestonaria eGauteng usola umkakhe ngokuba
umahosha njalo uma sekusondele amaholidi kaKhisimusi.
Ngokubika kweDaily Sun
uKwazi Sithole oneminyaka engu-53 ubudala ukhala ngomkakhe weminyaka engu-25 ukuthi
uyamshiya amtshele ukuthi uvakashela izihlobo eKagiso kodwa uma eyombheka
akamtholi futhi nocingo lwakhe lusuke
luvaliwe.
“Sekukaningi ngimbaba namanye amadoda, kwesinye isikhathi ngize
ngibafice embhedeni wami uma ngingekho ngihambe nomsebenzi,” echaza.
“Uma
ngimbuza ngendlela aziphatha ngayo ungitshela ukuthi akuhlangane nami futhi
kumele ngimyekele,” esho.
UKwazi uthe umkakhe umshiya njalo ahambe nabesilisa
abahlukene kwesinye isikhathi usebenzisa imali yami ukuzijabulisa nala madoda
emahhotela.
OLUNYE UDABA: Unkosikazi ungishiye ngoba ngimumbi
“Uma ngikhononda ngokwenza
kwakhe ungibizela amaphoyisa bese ngiyaboshwa njalo.
Ngiyamthanda yena
nabantwana bami yingakho ngisebenza kanzima ,” echaza.
Eziphendulela uBusi
oneminyaka engu-47 ubala utshele leli phephandaba ukuthi umyeni wakhe
uyisidakwa esihlale simhlukumeza ngasosonke isikhathi phambi kwezingane zabo
ezintathu. Uqhube wathi umyeni wakhe udinga usizo.
“Angiyena umahosha futhi
angikaze ngiphinge,” esho enanela ngokuthi uma ehamba usuke ebalekiswa uyena
ngoba emhlukumeza njengoba ngelinye ilanga acishe ambulala.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho