Johannesburg – Umndeni ka-Emmanuel Sithole waseMozambique, obulawe ngempelasonto, uthe ngoLwesibili ushaqekile ngalesi sehlakalo.
Ekhuluma ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yase-Alexandra, lapho kuvele khona abalisa abane ngecala lokubulala uSithole, udadewabo kaSithole, uThandi uthe abasolwa kumele bagqunywe ejele isikhathi eside.
Ubebonakala ehlengezela izinyembezi ngesikhathi ebuzwa ukuthi uzwizwe kanjani ngokubona abasolwa.
Funda nalolu daba: Kutholakale owesifazane egwaziwe eKZN
"Kunzima ngoba bayabonakala ukuthi basayizingane, iminyaka yabo ilinganiselwa kuma-20s,” usho kanje.
UThandi uthe unokungazethembi kahle ezobulungiswa zaseNingizimu Afrfika.
Ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe ufuna ukubona isigwebo esingakanani, uthe: “Udilikajele futhi bangayitholi nebheyili.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.