isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Qaphelena izulu - Abatakuli

2012-08-10 15:05
Cape Town - AbakwaNational Sea Rescue Institute sebecele abantu abakhe ngasezindaweni ezigudla ulwandle ukuthi abaqaphele njengoba kuza impelasonto engeke ibe neze yinhle.

Abe-NSRI bathi impelasonto ezoqala, izokuba nomoya kanti ulwandle luzokuba namagagasi amakhulu angemahle, kubika iCape Times, abantu ekuthiwa abaqaphele kakhulu yilabo abaseWest Coast, Western Cape, Southern Cape kanjalo nasePlettenberg Bay.

AbakwaWeather SA baxwayisa abantu abahamba ngezikebhe, abadobi, ababhukudi abaqeqeshiwe kanjalo namalungu omphakathi.

Okhulumela abakwa-NSRI uCraig Lambinon uthe abantu abazosondela olwandle ngempelasonto kumele kube ngabantu abasiqonda ngokuphelele isimo sezulu, nokwenza kolwandle ngezikhathi ezithile.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)