Durban - Abantu sebeqalile ukutheleka enkindleni yezemidlalo iMoses Mabhida, la kuzoqhubeka khona inkonzo yomngcwabo kakaputeni weBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
Abantu abaningi abahambele umngcwabo bagqoke amajezi ebhola, ekugqame kakhulu kuwo, imiibala ye-Orlando Pirates, ebivinjelwa uMeyiwa.
Funda nalolu daba: Bacule amaculo agcibha uKelly Khumalo.
Kunenqwaba yabantu abashaya amavuvuzela, bephephezelisa namafulegi kanjalo nemilayezo ebhekiswe kuSenzo Meyiwa.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ngeSonto ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus.
Umngcwabo wakhe ubanjelwe eThekwini, namhlanje ngoMgqibelo kanti usingethwe uhulumeni wesifundazwe.
Omunye wabahambele umngcwabo nguNtsakiso Kubayi, othi ufike ngebhasi ephuma eGoli, uthe ubengeke angezi ukuzovalelisa kuMeyiwa, amchaze wathi uyiqhawe.
"Ngizothi hamba kahle Meyiwa. Ubengigqugquzela kakhulu, akulahlekelwe kuphela umndeni neBhakabhaka, isizwe sonke silahlekelwe, sonke siyalila."
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.