Johannesburg - Abanye abanikazi bezitolo zabokufika ezisenkabeni yedolobha laseThekwini sebezivulile izitolo zabo ngemuva kodlame oluqubuke ngeledlule ngesikhathi iqulu labantu lizama ukuzitapela impala yabo.
Kulolu dlame lokuhlaselwa kwabokufika kubikwa ukuthi balinganiselwa kwabayisithupha abantu abashonile.
Funda nalolu daba: Abahlasela abokufika abenzeli izwe - Zuma
URaymond, odabuka kwelaseTanzania osebenza enkabeni yedolobha, uthi, "Sekunozinzo
kodwa abanye abakabuyeli ezindaweni abasebenzela kuzona. Sisagcwele ukwesaba
kodwa futhi akukho okunye esingakwenza. Ngeke sihlale elinye isonto singenzi
lutho ngoba sinezidingo. Kumele sidle, kumele sondle imindeni yethu nezingane.
Abanye bethu bondla nemindeni esemuva lapho sidabuka khona. Ngakho ngeke
sikwazi ukuhlala elinye isonto singasebenzi.”
AbeRed Cross sebecele ukuba kwandiswe izindawo zokukhoselisa abokufika eThekwini namaphethelo.
Khonamanjalo, iSilo samaBandla
uGoodwill Zwelethini uthe kumele kuliwe nodlame olubhekiswe kwabokufika
eNingizimu Afrika, kubika iSABC.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.