Johannesburg – Kuzotshalwa amasosha elokishini laseGoli, e-Alexandra, kusho uNgqongqoshe wezokuVikela uNosiviwe Mapisa- Nqakula ngoLwesibili.
“Abantu abaningi bazosijabulela isinqumo sokulethwa kwamasosha ezokuvikela,” usho kanje.
Funda nalolu daba: AbaseMalawi babhikishele udlame kwabokufika eSA
UMapisa-Nqakula uthe amasosha ngeke enze umsebenzi wamaphoyisa kodwa azobe ewalekelela ekudaleni ukuthula.
Khonamanjalo, abalisa abane bavele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra ngoLwesibili ngecala lokubulala umlisa waseMozambique, u-Emmanuel Sithole, ngempelasonto.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.