Polokwane - “Sengikhululekile
futhi sengingahamba ngiyohola abantu bami. Ngizobe ngimingomumo uma [uMbuso]
ufuna ukuwabuyisa futhi amacala,” kusho uJulius Malema ngaphandle kweNkantolo
eNkulu yasePolokwane.
Phambilini icala likaMalema lokukhwabanisa kanye nelenkohlakalo lihoxisiwe kule nkantolo.
Umbuso ubucele ukuba icala lihlehliselwe u-Agasti 24 ukuze umsolwa wesine, uKagisho Dichabe, anikwe isikhathi sokwelulama.
Ngale kwalokho, uMbuso ubufuna icala liqhubeke ngaphandle kukaDichabe.
Funda nalolu daba: Udutshulwe ebukela iTV usomatekisi
UJaji Billy Mothle ube esekhipha isinqumo sokuthi asikho nesisodwa isicelo azosivumela.
Icala beselibambezeleke kusukela ngo-2012 kanti futhi ukuqhubeka necala bengaphelele abasolwa akuhambisani nomthetho. Inkantolo ibingavuma kodwa ukuba icala labo lithethwe ngokwahlukana kodwa uMbuso ubungazange usifake leso sicelo.
UMbuso ungakwazi ukuphinde ulivule icala ngokuhamba kwesikhathi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.