Share

Sesifinyelele ku-14 isibalo sabashonele ekusokeni

Durban – Sesinyuke safinyelela ku-14 isibalo sabasokwa asebeshonile e-Eastern Cape kusukela kuqale ubusika ngokusho koMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe.

Okhulumela lo mnyango uSizwe Kupela uthe ngoMgqibelo ntambama bese bengu-14 abasokwa abashonile njengoba ngoLwesihlanu ntambama isibalo besingu-10.

Abafana abahlanu bebengabaseNyandeni, abane kungabaseMhlonhlo bese kuba noyedwa kulezi zindawo iQaukeni, eChris Hani, Amathole nase-Alfred Nzo.

UKupelo uthe abahlanu kulaba basokwa bebesezikoleni ezisemthethweni zokwesokwa kanti abanye bebeqhamuka kulezo ezingekho emthethweni.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abokufika ngokugoloza ukuphuma enkambini

Laba bafana bebeyingxenye yenqwaba yabafana abaphuthunyiswe ezibhedlela ngemuva kokuhlangabezana nezinkinga ezahlukene zezempilo ngemuva kokwesokwa.

NgoLwesine uKupelo uthe isibhedlela iSt Barnabas esiseLebode e-Eastern Cape besibhekene nengcindeze ngenxa yokwanda kwabafana abahlangabezane nezinkinga ezikoleni zokusokwa.

Kubikwa ukuthi sebebonke abasokwa abangeniswe esibhedlela babalelwa ku-36 kanti lesi sibhedlela bese siqala nokushodelwa yimibhede yokulalisa iziguli ngenxa yokugcwala.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 969 votes
No! It's time to move on ...
33% - 470 votes
Vote
Rand - Dollar
18.76
+1.4%
Rand - Pound
23.43
+0.3%
Rand - Euro
20.08
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.25
+0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
924.10
-0.0%
Palladium
959.00
+0.1%
Gold
2,337.68
0.0%
Silver
27.19
-0.0%
Brent Crude
89.50
+0.6%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE