Kimberley – Indoda eneminyaka engu-35 ubudala yaseKimberley, uBasil Daniel van Rooi, isigwetshwe udilikajele ngamacala amabili okudlwengula kanye nesigwebo seminyaka engu-12 ngecala lokubulala owesifazane oneminyaka engu-55 ubudala endaweni yaseSoul City.
Izigwebo uzozidonsa kanye kanye.
Isisulu uFeiky Booysen, sadlwengulwa sabulawa ngovivi ekuseni ngomhlaka 24 ku-Disemba 2012.
Egcina ukubowa wabonakala ehamba nommangalelwa endlini yakhe eSoul City.
Isidumbu sakhe esinqunu satholwa umakhelwane wakhe ngezithuba zabo-9 ekuseni ngawo umhlaka-24 Disemba.
Kwabikwa ukuthi uBooysen waklinywa washonela phezu kombhede endlini yakhe.
UDaniel van Rooi waboshwa ngemuva kokutholakala kwemiphumela yolibofuzo.
Ukhomanda wamaphoyisa uMajor general Galeshewe uKolie Matthys, uncome uWarrant Officer Essie Esterhuysen kanye noKagisho ngemisebenzi yabo emihle ophenyweni.
Waphine wathi uyakholelwa ekutheni lokhu abakwenzile kuzoba isibonelo nakwezinye izigilamkhuba.
Olunye udaba ku-IOL.co.za
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter