Pretoria - Sichithiwe isikhalazo ebesifakiwe ngomshushisi uGerrie Nel, obepheka ngobhojwana ummangalelwa ecaleni lokubulala, u-Oscar Pistorius, kusho abeSA Human Rights Commission.
"I-SAHRC ithole ukuthi inkantolo ilandele yonke imigomo ngendlela. Ufakazi ubenikwa ilungelo lakhe elifanele," kusho isitatimende sekhomishana.
ULandman wabe enguKhomishana kwiCommission for the Promotion and Protection of the Rights of Cultural, Religious, and Linguistic Communities, ubecele ikhomishana ukuthi iphenye, ngemuva kokuthi uNel ebize ummangalelwa ngomqambimanga.
ULandman ukhalaze wathi lokhu kuphambene nomthetho.
Ikhomishana ithi ayinalo igunya lokuphenya ngamacala aqhubekayo, ekuvele kukhona okuphenywa ngawo noma okuqulwayo.
UPistorius ubhekene necala lokudubula abulale intombi yakhe uReeva Steenkamp, amdubulela emzini wakhe osePitoli ngeValentine's Day, nyakenye.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.