Cape Town - I-SA Human Rights Commission (SAHRC) isichithile isimangalo sikaSunette Bridges noSteve Hofmeyr ngodaba lokubulawa kwabesifazane abamhlophe, kubike iBeeld ngoMsombuluko.
UBridges, uHofmeyr, neFreedom Front Plus bethula phambi kwekhomishana uhlu lwabasifazane abamhlophe ababulawa.
Lokhu kungemuva kokuba intatheli uNechama Brodie, umcwaningi uLisa Vetten, i-website i-Africa Check, kanye noSolwazi uNaeema Abrahams weMedical Research Council babhala udaba olwaluthi abesifazane abamhlophe baseNingizimu Afrika maningi amathuba okuba babulawe amasoka noma abayeni babo kunokuba babulawe abantu abamnyama abangabazi.
UBridges wayefuna uBrodie noVetten baxolise kubobonke abantu besilisa abamhlophe, bese kuthi i-Africa Check yona yenze ngenye indlela ucwaningo lwayo ngokubulala kwabesifazane.
I-SAHRC isithole singenasisekelo isimangalo, ngokusho kombiko.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).