Share

Sinobufakazi obuqinile bokushushisa ababulali - NPA

Johannesburg – Abalisa abane abasolwa ngokubulala owesilisa waseMozambique u-Emmanuel Sithole ngoMgqibelo bavele kafushane eNkantolo yesiFunda yase-Alexandra ngoLwesibili.  

USizwe Bhengu, Sizwe Mngomezulu, Ayanda Sibiya noSifundo Mzimela bangabasolwa abaqavile kuleli cala elishaqise abaningi ngemuva kokusabalala kwezithombe zalesi sigameko ezinkundleni zokuxhumana nasemaphephandabeni ngeSonto.

Ngesikhathi bevela enkantolo ngoLwesibili ababuzwanga ukuthi bayalivuma noma bayaliphika leli cala elihlehliselwe umhlaka-4 kuMeyi kanti basazoqhubeka nokugcinwa ezikhindini.

Inkantolo ibigcwele phama abantu bezozibonela la madoda asolwa ngokubulala ngesihluku lo mlisa esigamekweni okusolakala udlame olubhekiswe kwabokufika.

OLUNYE UDABA: Usindile owesifazane ogwazwe amanxeba angu-16

Isihlobo sika-Emmanuel uThando Sithole uthe iyodwa nje into engakhulula umndeni wukuthi ingalo yomthetho idlale indawo yayo.

Ngokubika kweSowetanlive enkantolo bekukhona noNdunankulu waseGauteng uDavid Makhura neNhloko yezokuShushiswa koMphakathi kuleli uMxolisi Nxasana othe leli yicala okumele libekwe eqhulwini lamacala.

Uthe i-National Prosecution Authority inobufakazi obanele bokushushisa laba basolwa.

“Ubufakazi esesibuqoqile kwidokodo banele ukuthi ukuthi singabashushisa.  Kulobu bufakazi asithembele kobentatheli ethathe izithombe,” esho.

Kulindeleke ukuthi bafake isicelo sebheyili ngomhlaka-4 kuMeyi 2015.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 721 votes
No! It's time to move on ...
33% - 360 votes
Vote
Rand - Dollar
19.00
+0.1%
Rand - Pound
23.81
-0.0%
Rand - Euro
20.41
+0.0%
Rand - Aus dollar
12.44
-0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.5%
Platinum
926.80
+0.1%
Palladium
989.00
-0.2%
Gold
2,346.08
+0.6%
Silver
27.71
+1.0%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
68,996
+0.8%
All Share
74,906
+0.8%
Resource 10
62,861
+1.2%
Industrial 25
103,533
+1.0%
Financial 15
15,824
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE