Johannesburg - Isangoma esasiza owesilisa ngokubopha isitho sangasese sikankosikazi wakhe ngomuthi ngemuva kokuba emsole ukuthi uyajola sifuna imali yaso.
Lesi sangoma esadayisela le ndoda umuthi esaziwa ngelikamabopha sithi siyifuna la imali yaso njengoba le ndoda yakhokha idiphozi engu-R3 000 kwasala omunye uR3 000.
ISangoma uMsawope Xaba waseHoneydew eGoli sithi kade sayigcina le ndoda, iyacasha kodwa asikhathazekile ngayo.
“Izozibona isingqongqoza emnyango wakwami isilethe imali.”
UXaba uthe le ndoda yacela usizo kuye lokunqanda unkosikazi wayo ekujoleni kwakhe ekuqaleni konyaka.
OLUNYE UDABA: Akusiyo insumansumane ukubhanqana kwenziwa ucansi
“Le ndoda yayivakasha kathathu ngesonto eZimbambwe kanti yayisola ukuthi unkosikazi uneshende eceleni ayebonana nalo uma ingekho.
“Ifika okokuqakla le ndoda yafika yodwa ngathi ayifike naye unkosikazi. Unkosikazi wavuka umbejezana wathi umuthi angeke usebenzi kuyo futhi ayijoli.
"Ngayitshela ukuthi ayenze sengathi ivakashela eZimbabwe ukuze ezombamba oqotsheni unkosikazi wayo yathi angeke ikwazi ngoba iyasebenza."
Ngomhlaka-19 Febhuwari unkosikazi wale ndoda waxhumana noXaba ethi ubhanqene neshende lakhe.
"Ngamtshela ukuthi akathintane nomyeni wakhe beze kumina bobabili. Wayekhala, ehayiza efuna usizo," kusho uXaba.
Yize kunjalo omakhelwane basefulethini lakhe eYoeville eGoli bezwa umsindo bashayela amaphoyisa ucingo.
AbeDaily Sun bazamile ukuxhumana nale ndoda kwatholakala ukuthi ayisasebenzi inombolo yocingo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho