Share

Sithi isangoma uyozibuyela osikweletayo

Johannesburg - Isangoma esasiza owesilisa ngokubopha isitho sangasese sikankosikazi wakhe ngomuthi ngemuva kokuba emsole ukuthi uyajola sifuna imali yaso.

Lesi sangoma esadayisela le ndoda umuthi esaziwa ngelikamabopha sithi siyifuna la imali yaso njengoba le ndoda yakhokha idiphozi engu-R3 000 kwasala omunye uR3 000.

ISangoma uMsawope Xaba waseHoneydew eGoli sithi kade sayigcina le ndoda, iyacasha kodwa asikhathazekile ngayo.

“Izozibona isingqongqoza emnyango wakwami isilethe imali.”

UXaba uthe le ndoda yacela usizo  kuye lokunqanda unkosikazi wayo ekujoleni kwakhe ekuqaleni konyaka.

OLUNYE UDABA: Akusiyo insumansumane ukubhanqana kwenziwa ucansi

“Le ndoda yayivakasha kathathu ngesonto eZimbambwe kanti yayisola ukuthi unkosikazi uneshende eceleni ayebonana nalo uma ingekho.

“Ifika okokuqakla le ndoda yafika yodwa ngathi ayifike naye unkosikazi. Unkosikazi wavuka umbejezana wathi umuthi angeke usebenzi kuyo futhi ayijoli.

"Ngayitshela ukuthi ayenze sengathi ivakashela eZimbabwe ukuze ezombamba oqotsheni unkosikazi wayo yathi angeke ikwazi ngoba iyasebenza."

Ngomhlaka-19 Febhuwari unkosikazi wale ndoda waxhumana noXaba ethi ubhanqene neshende lakhe.

"Ngamtshela ukuthi akathintane nomyeni wakhe beze kumina bobabili. Wayekhala, ehayiza efuna usizo," kusho uXaba.

Yize kunjalo omakhelwane basefulethini lakhe eYoeville eGoli bezwa umsindo bashayela amaphoyisa ucingo.

AbeDaily Sun bazamile ukuxhumana nale ndoda kwatholakala ukuthi ayisasebenzi inombolo yocingo.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter               

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook     

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 472 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 1032 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE