Pretoria – Isiteleka sabafundi baseMedical University of SA(Medunsa) ophikweni lwaseGa-Rankuwa sesingenele osukwini lwesithathu kanti abafundi sebefunge bagomela ukuthi akekho azongena emasangweni enyuvesi izifuno zabo zingakenziwa.
Abafundi bathi ngesonto amasango esikhungo azobe evaliwe futhi abasebenzi namalungu omphakathi ngeke angene ngaphakathi njengoba bezobe bebhikishela ukungahanjiswa ngendlela kwezinto.
“Yini abazobe beyizela la uma bengazilungisile izinkinga zethu,” kusho umengameli wenhlangano emele abafundi uMelusi Marakalala ngeSonto,kubika abePretoria News.
UMarakalala uphinde wathi: “Banobufakazi bonke kodwa abafuni ukusisiza.”
Ngale kwalezi zinkinga ezibekiwe koyibamba lePhini likaShansela uSolwazi Tshepo Gugushe ngoLwesine, abafundi bathe abafundi bonyaka wesihlanu bakhala ngokuboshelwa amanqina enyathi kunjalo nje kunosolwazi "obabafeyilisa ngamabomu".
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter