Johannesburg - Inxusa laseNingizimu Afrika eJapan, uMohau Pheko, litshele i-SABC ngoLwesihlanu ukuthi liyazisola ngokuqamba amanga lithi lineziqu zePHD, ekubeni lingenazo.
UPheko wathi uneziqu zePhD azithola eMelika eLa Salle University ngo-2000.
Kodwa le nyuvesi kuyaziwa ukuthi yavalwa ngo-1996 ngesikhathi kuvela ukuthi ithengisa iziqu zemfundo ku-internet.