Johannesburg - Sizinzile isimo eDaveyton kulandela imibhikisho ebihambisana nokwebiwa kwempahla ezitolo zabantu bokufika kwaphinde kwavalwa imigwaqo.
"Konke sekubuyele esimweni esejwayelekile. Azikho ezinye izigameko esezibikiwe kusukela ngoLwesithathu," kusho okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni uSuperintendent Vusi Mabanga.
"Ibingekho imibhikisho ebusuku nasekuseni ngoLwesine. Angazi mininingwane ngomhlangano obanjwe ngoLwesithathu."
Umibhikisho yaseDaveyton yaqala ngoMsombuluko ngesikhathi izakhamuzi zigxumeka imijondolo emhlabeni ongavunyelwe.
NgoLwesibili kwabe sekutatshwa impahla ezitolo zabantu bokufika, kwaboshwa abantu abayisithupha.
"Angazi noma laba ababoshiwe bavelile yini enkantolo," kusho uMabanga.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter