Johannesburg - Amaqembu aphikisayo kulindeleke ahlangane nePhini likaMengameli uCyril Ramaphosa ngoMsombuluko ntambama ngemuva kokuba sigcine ngokufadalala isivumelwano ebesenziwe.
Amaqembu aphikisayo kulindeleke abambe umhlangano ewodwa, ngaphambi kokuba abambe izingxoxo noRamaphosa eParktown, eGoli.
Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema kanye nomholi
weDemocratic Alliance ePhalamende uMmusi Maimane bangabanye abazoba yingxenye
yomhlangano.
Funda nalolu daba: Uhulumeni waseBotswana ucacisa ngolwe-EFF.
UMalema ubhale ku-Twitter ngoMsombuluko ekuseni ukuthi: "Sanibonani bantu baseNingizimu Afrika, i-EFF ibuyela emsebenzini. Manje ngo-12.30 kuzoba nomhlangano wabaholi bamaqembu aphikisayo, bese kuthi ngo-14:00 sihlangane noBuffalo Ramaphosa. #Asijiki."
UMalema ubesekhefini njengoba ebebhala izivivinyo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.