Johannesburg - UJulius Malema uthi yena kanye namalungu e-EFF ePhalamende bazokhumula ama-overall abo abomvu bangene ePhalamende benqunu uma bevalwa ukuba baphinde bawagqoke.
“Sizowagqoka ama-overall. Akekho ozositshela ukuthi sigqoke kanjani, uma kungenjalo sizohamba nqunu ePhalamende,” kusho uMalema.
Umholi we-EFF ukusho lokhu ngemuva kwemizamo yePhalamende yokwenza
izinguquko emithethweni yePhalamende, okubalwa kuzona nendlela yokugqoka.
Funda nalolu daba: Indida ngemoto ethengelwe uMalema 'ngephutha'.
Lezi zinguquko zingase zenze amalungu e-EFF ePhalamende avalwe ukuba agqoke ama-overall kanye namabhuzu ePhalamende.
Usihlalo wekomidi elenza imithetho ephalamende uRichard Mdakane uthe unethemba lokuthi imithetho emisha izobe isiphothuliwe ekupheleni kwenyanga ezayo, kubika iThe Star.
“Uma bengafuni siwagqoke, sizongena ePhalamende sinqunu,” kusho
uMalema.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.