"Ukuphulukiswa kuyinto eyenziwa ngamandla kaNkulunkulu enyameni yomuntu,” kusho iSynagogue Church of All Nations (Scoan) ku-website yayo.
"Izinkulungwane zabeza ebandleni benezinkinga nezifo bathola ukuphila. Asikho isifo uJesu angaselaphi.”
OLUNYE UDABA: Umfundisi uxwayisa ngobungozi
Ukuwa kwebhilidi laleli bandla ngoLwesihlanu kubulale izinkumbi zabantu, okubalwa nabangu-67 baseNingizimu Afrika.
Laba abashonile baseNingizimu Afrika kukholakala ukuthi bebeyingxenye yamabandla abehambele isonto likaJoshua ngesikhathi kwehla le nhlekelele.
Abezindaba bathi kutakulwe abantu ababalelwa ku-100 abasindile.
Ngokwe-website yaleli bandla, asikho isifo angaselaphi uJoshua.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho