Uthe lokhu kushuba kuholele ekuhilizisaneni phakathi kukadadewabo ka-Oscar Pistorius, u-Aimee, noMikey Schultz.
Ubesenkantolo ngesonto eledlule ehamba nowayeyintombi kaPistorius, uSamantha Taylor, uSchultz, nabanye ngoba babebiziwe kuthiwa bangase bethule ubufakazi.
OLUNYE UDABA: Ufanelwe udilikajele u-Oscar - Umbono
Uthe u-Aimee wababuka ngamehlo agcwele indelelo ngesikhathi behlangana enkantolo.
Kuthiwa u-Aimee wayesegcwele izinyembezi emehlweni ngemuva kokuthi uSchultz ehlale ebhentshini elalibekelwe umndeni wakwaPistorius.
Isigwebo sikaPistorius sizokwehliswa ngoLwesibili.
USchultz wazivumela ngokwakhe ukuthi wabulala isiqumama uBrett Kebble.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho