Johannesburg - UKhomishana wamaPhoyisa osamisiwe uGeneral Bheki Cele usebhalele uMengameli Jacob Zuma ecela ukuba aphindiselwe esikhundleni sakhe, ngokusho kombiko ngoMsombuluko.
Izindaba ze-eNews zibike ngokuthi uCele ucele uZuma ukuba angasinaki isiphakamiso esenziwe yibhodi yophenyo yokuthi angasabuyiselwa esikhundleni sakhe.
UCele kuthiwa ukhale ngokuthi ibhodi linake kakhulu ubufakazi obebumelene naye, hhayi lobu abethulile.
UCele kuthiwa uqhube ngokuthi abukho ubufakazi obukhomba ukuthi ubudlelwane bakhe nenkinsela uRoux Shabangu buyasolisa.
Leli bhodi laliphenya ngokuqashwa kwamabhilidi amabili ayezosetshenziswa njengekomkhulu lamaphoyisa ePitoli naseThekwini.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA