Durban – Kwenzeke okungajwayelekile eNkantolo ngesikhathi lowo ozibiza ngomculi kamaskandi, uKhulekani “Mgqumeni” Khumalo ethula ubufakazi ngoLwesithathu ethi yena akayena uSibusiso John Gcabashe, kubike iDaily News ngoLwesine.
USibusiso John Gcabashe ubhekene necala lenkohlakalo, ukuthumba, ukushaya, ukudlwengula kanye nokweba nokuzama ukweqa esitokisini.
Ngemuva kokuyohlolwa ingqondo, kwavela ukuthi uGcabashe ukulungele ukubhekana namacala athweswe wona.
NgoLwesithathu ngesikhathi engena ebhokisini, enkantolo ebigcwele phama, iMantshi uRose Mogwera imbuze igama lakhe ukuze enze izifungo, kodwa yena wazibiza ngokuthi unguKhulekani Khumalo.
“Yilelo igama lami. Angimazi uJohn Gcabashe,” usho kanje.
Ngesikhathi ummeli wakhe embuza ukuthi kungani pho ama-fingerprints ekhomba ukuthi unguGcabashe, uthe amaphoyisa enza lokho, yena akasebenzi ngalezo zinto.
UGcabashe uphinde wathi bonke abethule ubufakazi, akabazi futhi bamqambela amanga.
Icala liyaqhubeka.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.