Johannesburg - Umfundisi wezimanga u-TB Joshua ukhokhele abasinde ngesikhathi kubhidlika ibhilidi eNigeria u-R2,000 umuntu emunye, kusho izikhulu zaseNingizimu Afrika ngoMgqibelo.
Lezi zindaba zifakazela umbiko wentatheli uNicholas Ibekwe wokuthi uJoshua kuthiwa uzame ukugwazela nentatheli ukuze ingakhulumi kabi ngesehlakalo esenzeke ngeledlule.
"#TBJoshua wanikeza abasinda ngesikhathi kuwa ibhilidi (#collapsedbuilding) u-2000.00 umuntu eyedwa ngesikhathi sebebuyela eNingizimu Afrika. Ngabe uyabagwazela noma yisipho nje?” kusho uClayson Monyela, okhulumela uMnyango wezobuDlelwane namazwe oMhlaba ku-Twitter ngoMgqibelo.
UMonyela ngokuhamba kwesikhathi
utshele i-eNCA.com ukuthi uzwile ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abasinda
bakhokhelwa u-R2,000.
Funda nalolu daba: Senyukile esabashone kuwa ibhilidi eNigeria.
Izikhulu zaseNingizimu Afrika zithi bangaphezulu kwabangu-80 abantu bakuleli abashone ngesikhathi kubhidlika isakhiwo esihlala izivakashi esontweni likaJoshua, iSynagogue Church of All Nations.
Ubengakatholakali uJoshua ukuba aphawule.
Kodwa u-Adaure Achumba, oyintatheli ye- eNCA eNigeria, uthe
izintatheli zaseLagos sezikuqinisekisile ukuthi ngempela wabakhokhela imali
abasinda.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.