Share

UKasrils ufuna uMaphatsoe axolise kuye

Johannesburg – Lowo owayenguNgqongqoshe wezobuNhloli uRonnie Kasrils usenxenxe ukuthi kuvele ubufakazi noma isixoliso ngenkulumo kaSihlalo woMkhonto weSizwe (MK) Military Veterans' Association uKebby Maphatsoe yokuthi nguye owakhela uMengameli Jacob Zuma uzungu ngecala lokudlwengula.

"NgoMeyi wonyaka odlule, ngaphambi kokhetho lukazwelonke ngesikhathi ngiqhuba umkhankaso omelene ne-ANC, waba mdibi munye neqembu elibusayo bangibiza ngamagama aziswana kwathiwa mina ngaqoka owesifazane ukuba abhece ngobubende uZuma,” kusho uKasrils naye ongumakadebona we-MK.

OLUNYE UDABA: UMaphatsoe uphika eyokudutshulwa e-Uganda

Ngesikhathi kuqhubeka icala lokudlwengula elalibekwe uZuma ngo-2006 naphuma phambili kulo, uZuma wathi ukholelwa ukuthi ukubekwa kwakhe leli cala kunenhlense yezepolitiki.

Ukuphawula kukaMaphatsoe, okwabikwa ngakho ngo-Ephreli wonyaka ofile, kwakuzwakalisa ukumelana noKasril nalowo owayeyiSekela likaNgqongqoshe wezeMpilo uNozizwe Madlala-Routledge.

Laba babeqhuba umkhankaso wokuthi abantu bacekele phansi amavoti kunokuthi bavotele i-ANC.

UKasrils wathi ufuna uMaphatsoe aveze ubufakazi balezi zinsolo aziqubulayo.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Now that e-tolls gantries have been switched off, will you be settling your outstanding debt?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No way, they're not getting a cent from me
88% - 1797 votes
Yes, I guess it's the right thing to do
4% - 75 votes
Mmh, I'm watching legal cases and playing it by ear
9% - 174 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+0.2%
Rand - Pound
23.68
-0.1%
Rand - Euro
20.29
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.24
-0.4%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
952.30
-2.4%
Palladium
1,036.00
+1.3%
Gold
2,371.75
-0.5%
Silver
28.27
+0.6%
Brent Crude
90.02
-0.1%
Top 40
66,899
0.0%
All Share
72,995
-0.0%
Resource 10
63,378
+2.8%
Industrial 25
97,824
-0.5%
Financial 15
15,384
-1.7%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE