Johannesburg - Abezindaba ze
Drum sebebike ukuthi umculi uKelly Khumalo usededele izimpahla zesoka lakhe elingasekho uSenzo Meyiwa, owabulawelwa kubo eVosloorus, ngeSonto ebusuku.
Phambilini kusabalale imibiko yezindaba ethe uKelly unqwahe nomazisi kaMeyiwa kanjalo nezimpahla zakhe ekubalwa kuzo imoto eyi-BMW X6 kanye nezingubo zokugqoka.
“Umndeni wakwaMeyiwa uhambile wayolanda izinto kwaKelly ebusuku, ufike wazithola," kusho umthombo othembekile.
Funda nalolu daba: Kungamanga okushiwo ngoKelly Khumalo - AbakwaMeyiwa
Umndeni uphinde walanda umphefumulo kaSenzo, olandwe kubo kaKelly.
Kubonakale ubaba kaSenzo ekubo kwaKelly, namanye amalungu omndeni, ngoLwesihlanu ekuseni.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.