Johannesburg - Umqeqeshi obambile weBafana Bafana uSteve Komphela ushiye ngaphandle abadlali abahlanu emdlalweni wobungani ozodlalwa neGabon ngoLwesihlanu.
UKaputeni uSteven Pienaar, uKatlego Mphela, u-Oupa Manyisa, uThanduyise Khuboni kanye noBongani Khumalo, angeke baze badlale.
"Sisalelwe umdlalo owodwa vo manje, sesidlale emibili. Sesiwabonile amagalelo abadlali esibashiye ngaphandle, sifuna ukubheka abanye abadlali manje," kusho uKomphela.
"Siyabathemba abadlali abasele ukuthi bazodlala ngamandla abo wonke uma sibhekene neGabon."
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
News24