UKrejcir ubeyiswa eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge nalapho ebhekene khona necala lokushushumbisa izidakamizwa, ukuzama ukubulala nakuthumba.
Lo msakazeli ubike ukuthi uKrejcir uthole imihuzukwana.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uBrigadier Neville Malila nomlingani wakhe uCaptain Doniah Mothutsane abatholakalanga ngokushesha ukuba baphawule.
UKrejcir nabanye abayisihlanu -- oDesai Luphondo, oWarrant Officer Samuel "Saddam" Maropeng noGeorge Nthoroane, Jan Lefu Mofokeng, noSiboniso Miya – basolwa ngokuqasha indoda eyaziwa ngelikaDoctor Nkosi ukuba ibasize ekushushumbiseni izidakamizwa ezingu-25kg ziya e-Australia.
UNkosi wayesebenzela inkampani ethutha izimpahla e-OR Tambo International Airport ngesikhathi enyamalala nalesi sijumbane.
UKrejcir nasolwa nabo kuthiwa babe sebethumba bejezisa kabuhlungu umfowabo uBheki Lukhele bemfuna uNkosi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho