Johannesburg – Umvikeli woMphakathi uThuli Madonsela angajoyina i-EFF emizameni yayo yokuphonsela uMengameli uJacob Zuma inselelo eNkantolo yoMthethosisekelo ukuba akhokhe ingxenye yemali okwalungiswa ngayo umuzi wakhe oseNkandla.
NgoLwesibili, inkantolo iyalele ukuthi angakwazi ukujoyina kulolu daba, yaphinde yathi kuzodingeka ukuba afake amaphepha engakadluli umhlaka 30 Okthoba.
UMvikelo woMphakathi ukhale ngokuthi isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo odabeli lwe-Economic Freedom Fighters sizobanomthelela emsebenzini wakhe, njengokuba isinqumo senkantolo enkulu senza.
Funda nalolu daba: Zimkhalele osolwa ngokudlwengula wabe eseyophuza
UJaji Ashton Schippers weNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngonyaka odlule wakhipha isinqumo sokuthi iziphumo zikaMvikelo woMphakathi kanye nezincomo zakhe aziwona umthetho ngakho aziphoqelekile ukuba zilandelwe.
Kodwa wathi kudingeka isinqumo esiqondile ngamandla kaMvikeli woMpahkathi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.