Johannesburg - UMvikeli woMphakathi encwadini ayeyibhalele uMengameli uJacob Zuma wayemxwayisa ngokuthi amazwi akhe mayelana nomsebenzi awenzayo angase aholele ekutheni ungalandelwa umthetho.
'Ukuphawula kwakhe kungase kuholele ekutheni umthetho ungalandelwa, nokuyinto engaba nomthelela ongemuhle kuMvikeli woMphakathi,' kusho incwadi.
UZuma wayephendule uMadonsela wathi izwi lakhe akulona elingumnqamulajuqu, futhi yinkantolo ingaliguqula.
UMadonsela uphinde wacela ukubonana ubuso nobuso noMengameli.
Funda nalolu daba: Isiphila kangconywana imfuyo kwelikaModise.
Okhulumela uZuma, uMac Maharaj, akazange aphendule iBeeld ngesikhathi ebuzwa ukuthi uzomphendula nini uMadonsela.
NgoLwesithathu ibamba lokhulumela ihovisi likaMvikeli woMphakathi, u-Oupa Segalwe, likuqinisekisile ukuthi uMengameli wathunyelelwa incwadi.
Uthe kodwa uMadonsela usethathe isinqumo sokulusiyela ezandleni
zePhalamende lolu daba.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.