Johannesburg - Indaba yokuputshuzwa kwemibiko yinkinga enkulu
ehlasele, kusho uMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela, ngoLwesine.
"Iyinkinga indaba yokuputshuzwa kwemibiko. Iba yinkinga kakhulu uma yenziwa usopolitiki osezingeni," kusho uMadonsela ekhuluma nabezindaba ePitoli.
UMadonsela uthi kunesiphithiphithi esikhona kusukela kuputshuke incwadi ayibhalela uMengameli uJacob Zuma.
Imibiko yabezindaba yasabalala ithi uMadonsela wabhalela uZuma incwadi ngemali eyasebenza kulungiswa umuzi wakhe oseNkandla.
Encwadini kuthiwa uMadonsela wakhalaza ngokwenza kukaZuma, athi
kukhombisa ukungamethembi emsebenzini wakhe, njengoba aphakamisa ukuthi akhokhe
ingxenye yemali ekwalungiswa ngayo umuzi.
Kuthiwa uZuma waphendula uMadonsela emtshela ukuthi uNgqongqoshe
wamaPhoyisa uNathi Nhleko uzocwaninga noma kumele yini ayikhokhe imali.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.