"Uma ithimba elibhekisisa izimangalo seliqedile ukwenza umsebenzi walo, lizodlulisela umbiko kuMvikeli woMaphakathi," kusho okhulumela uMadonsela, uKgalalelo Masibi.
Ithimba eliphenyayo lizothatha isinqumo sokuba kumele yini uMadonsela enze uphenyo noma cha ngokuqokwa kukaThuthukile Zuma kwesokuba yisikhulu sabasebenzi, kubike iSowetanlive.
Isimangalo sifakwe ngoLwesibili kodwa uMasibi akazange adalule ukuthi sifakwe ngubani.
"Ummgangali ucela uMvikeli womphakathi ukuba abheke ukuthi ngabe sasikhishiwe yini isikhangisi somsebenzi, bangaki abafaka isicelo somsebenzi nokuthi yibaphi abangaphumelelanga kodwa ababenakho konke okudingakalayo,” usho kanje.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.