Umbiko we-SABC uveze ukuthi imindeni isicele uMadonsela ukuba aphenye ukuthi kungani kugqoza ukubuyiswa kwezidumbu zabantu bakuleli abashonela eSynagogue Church of All Nations, engaphansi kuka-TB Joshua.
UMadonsela nokho uthe okwamanje usenelisekile ngemizamo kahulumeni wakuleli ekusizeni imindeni.
OLUNYE UDABA: Kujutshwe ithimba elizophenya u-TB Joshua
“Ngokubona kwami, uhulumeni wenza umsebenzi oncomekayo ngokusiza imindeni nokunxenxa uhulumeni waseNigeria ukuba udedele izidumbu,” esho.
“Kumele sithole ukuthi uhulumeni usuhambe wagcinaphi nokuthi imindeni ifuna enzeni.”
Ukubhidlika kwebhilidi ngoSepthemba 16 kwabulala abantu abangu-116, abangu-84 babo kungabakuleli.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho