Share

UMaimane wamukele ukuphakanyiswa kwegama lakhe

Johannesburg –  Ngemuva kwesonto kufuniselwa, uMmusi Maimane usekwamukelile ukuphakanyiswa kwegama lakhe ohlwini lwabazohola iqembu iDemocratic Alliance.

UMaimane uthe ukwamukela lesi siphakamiso kuchaza ukuthi lokhu kuzobe kuyithuba “lokuvuselela ithemba” ngekusasa laleli lizwe.

“Akuzange kube yisinqumo esilula,” esho kwisitatimende esikhishwe yileli qembu ngoMgqibelo ekuseni.

“Sengicabangile ngokwanele ngokuthi lokhu kuchaza ukuthini emndenini wami futhi bekumele ngibheke nesikhathi ukuthi kungabe sesilungile yini.

OLUNYE UDABA: Usethi khumu ekuholeni i-DA uZille

Ekugcineni ngithathe isinqumo sokwamukela ukuphakanyiswa kwegama lami ngoba yithuba elihle lokuvuselela ithemba ngekisasa leNingizimu Afrika,” esho.

Lokhu kuqhamuka ngemuva kokuba umholi waleli qembu uHelen Zille ezwakalise ukuthi ngeke esaqhubeka nokuhola ngemuva kwehlandla lakhe.

Sekuphele cishe isikhathi esingangesonto kunamahlebezi ngokuthi uMaimane uzokwamukela ukuphakanyiswa kwegama lakhe kulesi sikhundla. 

Khona manjalo KwaZulu Natal uZwakele Mncwango noSizwe Mchunu bagaqele ukuhola leli qembu kulesi sifundazwe.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Are you among the many South Africans who've added more tinned fish to their grocery baskets?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, pilchards is the new chicken
42% - 528 votes
No, I can't stand canned foods
58% - 741 votes
Vote
Rand - Dollar
18.58
-0.4%
Rand - Pound
23.22
-0.3%
Rand - Euro
19.97
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.22
-0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
977.90
-0.1%
Palladium
955.54
-1.9%
Gold
2,309.19
-0.2%
Silver
27.31
+0.2%
Brent Crude
83.16
-0.2%
Top 40
70,939
+0.2%
All Share
77,177
+0.3%
Resource 10
60,903
-0.2%
Industrial 25
107,610
+0.4%
Financial 15
16,775
+0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE