Cape Town - Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema usehambise incwadi kumkhulumeli wePhalamende uBaleka Mbete, ethi akahoxise incwadi ayinike amalungu eqembu lakhe.
NgoLwesine uMbete unike amalungu e-EFF angu-25, izincwadi ethi awachaze ukuthi kungani kungamele amiswe ePhalamende.
I-EFF yaphazamisa ukuqhubeka kwePhalamende ngesikhathi uMengameli uJacob Zuma echaza ngokulungiswa komuzi wakhe oseNkandla.
I-EFF yasusa umsindo ithi ifuna umengameli asho usuku azokhokha ngalo ingxenye yemali ekumele ayikhokhe.
"Kumele uhoxise izinhlelo zakho zokungimisa ePhalamende ngeSonto, mhlaka-31 Agasti. Uma ungakwenzi lokho ngizoya enkantolo," kusho incwadi engamakhasi amahlanu ebhalelwe uMbete.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.