Johannesburg – Ukuphawula okwenziwe ngumholi we-EFF, uJulius Malema kokuthi iDemocratic Alliance ixhaswe abantu bakwa-Israel kungamampunge, kusho i-DA ngoMsombuluko.
"Bonke abantu baseNingizimu Afrika bayazi ukuthi uMalema ukhuluma izinto ezingenasisekelo,” kusho okhulumela ihhovisi lezobudlelwane namanye amazwe kwi-DA, uStevens Mokgalapha.
"UMalema uvele akhulume nje engacabanganga. Asikhathazekile ngalokhu akushilo."
UMokgalapa uthe uMalema uqhuba ipolitiki yonke indawo, uhlanganisa izinto ezingahlangani, udaba lwaseMiddle East luyakhathaza.
"Inkinga enkulu ukuthi abantu bayabulawa, esikucelayo nje ukuba kubekwe phansi izikhali,” usho kanje.
NgoMgqibelo, ngesikhathi i-Economic Freedom Fighters igubha unyaka yasungulwa, uMalema uthe i-DA kumele ingalandelwa ngoba ixhaswe ngabantu bakwa-Israel.
"Sonke asihambisani ne-DA. I-DA yamukela imali kwelakwa-Israel," usho kanje etshela abalandeli beqembu lakhe eThokoza Park, eSoweto.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.