"Angibazondi abelungu. Engikufunayo wukuthi sabelane izwe nomnotho, kungabi sezandleni zabambalwa,” esho ebhala kuFacebook wakhe.
“Asisoze sathi akubulawe abelungu."
UMalema uthi kumele kwabelwanwe ngeNingizimu Afrika.
“Abelungu banelungelo eliphelele lokuthi babe nendima abayidlalayo kwi-EFF, nabo iNingizimu Afrika ingeyabo.”
UMalema usho kanjena ephendula imibuzo yabantu ebebexhumana naye kuFacebook.
Enkulweni yakhe, uthe i-EFF imelene nenkohlakalo.
"Abantu abayotholakala nebamacala enkohlakalo, angeke bavunyelwe ukuba sezikhundleni kwi-EFF,” kusho lo mhlo obhekene necala lenkohlakalo ka-R52 million.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.