Cape Town - Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema usekhulume ngokunengeka wathi usekhathele ukuzikhandla ngokwakha leli qembu ngoba “seliphelelwe ushatini” vele.
UMalema ukhuluma kanjena nje kusanda kuvela ukuthi amalungu aleli qembu abhekene ngeziqu zamehlo njengoba sekukhona amaqeqebana ngaphakathi.
OLUNYE UDABA: UMalema uthi uzohola i-ANC
Amalungu akhala ngokuthi kukhona abadla izimali bodwa kuleli qembu elasungulwa eminyakeni emibili eyedlule.
“Ukukhuluma iqiniso nje, ayisekho indaba ye-EFF. Ukuzama ukuyihlenga kufana nomdlalo,” kusho uMalema ezikhulumela.
Uthi abantu abajoyina le nhlangano ngoba beyethemba, uyabakhulula ukuthi bazimatanise namanye amaqembu.
- Lolu daba lungamancoko e-April Fool’s Day hahahaha