Share

UMalema wamukelwe ngenhlokomo eMarikana

Marikana – Wamukelwe ngenkulu inhlokomo umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema ngesikhathi efika eMarikana ukuzovulela uSekela Mengameli uCyril Ramaphosa icala esiteshini samaphoyisa.

Abalandeli be-EFF bebephume ngobuningi ukuzokwamukela umholi wabo njengoba njengoba beqale ukuhlangana kusukela ngehora lesishiyagalolunye ekuseni ngoLwesihlanu.

Kuqhume umkikizo namakhwela ngesikhathi lo mholi esefika nakuba efike sekudlule isikhathi esingangehora kunaleso abelindelwe ngaso.

OLUNYE UDABA: Ayikho i-fire pool eQunu - Umzukulu kaMandela

Ngesikhathi engena esiteshini samaphoyisa iqulu labantu elibalelwa ku-300 belimlinde ngaphandle esiteshini lidansa licula ngesizulu ingoma enezinhlamvu ezithi:

“Asikaze sicabange ukuthi uMengameli Zuma angasiphatha ngale ndlela”.

UMalema ubeze kulesi siteshi samaphoyisa ukuzovulela uRamaphosa, owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Mthethwa, uKhomishana wamaphoyisa uRiah Phiyega, owayenguKhomishana wamaphoyisa eNorth West uZukiswa Mbombo nenkampani iLonmin amacala ngendima abayidlala esigamekweni sokudutshulwa kubulawe abavukuzi abangu-34 ngo-Agasti 2012.

I-EFF inombono wokuthi uRamaphoyisa wadlala indima enkulu ekubulaweni kwabavukuzi ngalolu suku.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
64% - 383 votes
No! It's time to move on ...
36% - 212 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
+0.9%
Rand - Pound
23.80
+0.6%
Rand - Euro
20.41
+0.7%
Rand - Aus dollar
12.38
+0.8%
Rand - Yen
0.12
+1.1%
Platinum
919.20
+0.8%
Palladium
993.00
-1.2%
Gold
2,323.46
+0.3%
Silver
27.27
+0.4%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,410
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
61,905
+2.4%
Industrial 25
102,553
-1.4%
Financial 15
15,834
-0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE