Share

UMandela uzoqhubeka nokuba sesibhedlela

Johannesburg - Owayengumengameli wakuleli uNelson Mandela kubukeka ezoluchitha esibhedlela usuku olwandulela uKhisimusi njengoba kuthiwa akukho okusha ngesimo sempilo yakhe.

Okhulumela iHhovisi limaMengameluli uMac Maharaj uthe isitatimende esikhishwe ngempelasonto mayelana nempilo kaMandela, asikashintshi.

Umbiko uthe uMandela uyaqhubeka nokwelashwa kanti futhi ibukeka imsiza imithi ayitholayo, njengoba sekuyisonto lesithathu angena esibhedlela ePitoli.

UMandela, 94, wayiswa ngendiza esibhedlela ePitoli esuka ekhaya lakhe eQunu, e-Eastern Cape ngoDisemba 8. Kwatholakala ukuthi kunokuthile emaphashini akhe.

UMandela unomlando wokuba nezinkinga emaphashini njengoba ake waba nesifo sofuba ngasekupheleni kweminyaka engu-27 ayichitha ejele.

NgoMgqibelo, uMengameli uJacob Zuma unxuse ukuba izwe limkhulekele uMandela ngemuva kokumvakashela esibhedlela.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Are you among the many South Africans who've added more tinned fish to their grocery baskets?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, pilchards is the new chicken
41% - 445 votes
No, I can't stand canned foods
59% - 641 votes
Vote
Rand - Dollar
18.63
-0.6%
Rand - Pound
23.27
-0.5%
Rand - Euro
20.03
-0.6%
Rand - Aus dollar
12.24
-0.2%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
973.40
-0.6%
Palladium
960.51
-1.4%
Gold
2,312.13
-0.1%
Silver
27.27
+0.1%
Brent-ruolie
83.16
-0.2%
Top 40
70,880
+0.1%
All Share
77,092
+0.2%
Resource 10
60,716
-0.5%
Industrial 25
107,722
+0.5%
Financial 15
16,741
+0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE