Pretoria- UMengameli uJacob Zuma usecele i-Special Investigating Unit (SIU)ukuba iphenye ngokusebenza kwezinhlaka ezingaphansi kukahulumeni nangokukhwabanisa, kusho okhulumela uMengameli, uMac Maharaj ngoLwesithathu.
Izinhlaka ezizophenywa yi-SIU yi-SA Post Office (Sapo), i-Information Technology Agency (Sita), umasipala iGreater Tubatse kanye nomasipala iVhembe oseLimpopo, bese kuba iMnyango kahulumeni kuzwelonke, owezabaSebenzi, owezemiSebenzi yoMphakathi kanye nowezokuThutha
"Lokhu kuyingxenye yokulwisana nokukhwabanisa nokungasebenzi ngendlela okubonakala kwezinye izinhlaka zikahulumeni okubalwa kuzona namabhizinisi angaphansi kwakhe uhulumeni, kusho uMaharaj.
Mayelana neMnyango kahulumeni kanye nomasipala, i-SIU izophenya ngendlela engalungile abaziphatha ngayo abasebenzi, ukusetshenziswa kwezimali kanye nokunye okubalwa kukhona nokukhwabanisa.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.