Abangaphakathi ehholo, okuyizicukuthwane kanye namalungu omndeni, banomuzwa omuncu njengoba kukhunjulwa impilo kaSenzo Meyiwa, kusukela ebuncaneni kuze kube unqontshwa ukufa.
Phakathi kwezicukuthwane, kukhona umama wesizwe, unkosikazi kaMengameli wezwe uJacob Zuma, izikhulu zikaHulumeni kanjalo abezindaba.
Ngaphandle kukhona abalandeli abaqhulula iziqubulo.
Ngokuhamba kwesikhathi kuzothuthwa isidumbu sikaMeyiwa okumanje sise City Hall, siyiswe ekhaya kubo eMlazi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.