UPistorius ubekwe icala lokubulala ngenhloso uSteenkamp, 29.
Echazela inkantolo, uthi akazange amemeze ngesikhathi ebona uSteenkamp esedubulekile.
"Wamemeza ngesikhathi usumbona?" kubuza uNel.
"Cha Nkosi yeNkantolo," kuphendula uPistorius.
"Umbona okokuqala eselimele awukhalanga wamemeza? Wawumemeza kodwa ungakamboni," kuqhuba uNel.
Kusukela uNel aqala ukupheka ummangalelwa, kuvele okuningi ngaphambi kwenkantolo, kwahlonzwa uPistorius njengomqambimanga, kwavela nokuthi umufi wabe emsaba.
Izazi zomthetho nazo ziveze ukuthi lo mmangalelwa uyishaya emuva ayishaye phambili.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.