Johannesburg – UNgqongqoshe wezeMigwaqo nezikuThutha
eGauteng u-Ismail Vadi usigxekile isigameko sakamuva sokubulawa kuka-Oscar
Letsoalo nomanye amalungu amabili enhlangano yamatekisi iMamelodi Taxi
Association namanye amalungu eReiger Park Taxi Association.
“Sidlulisa amazwi
enduduzo emndenini yabashonile, abangani babo nozakwabo nabagibeli,” kusho
isitatimende esikhishwe yilo mnyango.
“Siyazi
ukuthi u-Letsoalo ubengomunye wabahamba phambili ekukhuthazeni ukusetshenziswa
kwamabhayisekile emphakathini futhi wadlala indima ebalulekile ukusungula
iqembu le-BMX eMamelodi,” kuqhuba isitatimende.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi eGoli
Ngaphandle kwamanye
amabhizinisi abenawo uLetsoalo ngo-2012 waqokwa ukuba abe nguMgcinimafa
weMamelodi Taxi Association okuyisikhundla asiqhoqhobale waze washona ekusona.
ULetsoalo ubalwa nabanye abaholi abebehlonishwa emkhakheni wezamatekisi
eMamelodi.
“Sizosebenzisana namaphoyisa nobuholi bamatekisi ukuqinisekisa
ukuthi siyaluqeda udlale kulo mkhakha njengoba kunezigameko zokuhlaselwa
kwabantu eziqhubekayo.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho