"Ngiluqgxeka ngokuphindiwe udlame oluqhubeka esikhungweni semfundo ephakeme e-TUT. Kucekelwe phansi impahla ngempelasonto kweabekwa engcupheni izimpilo zabantu,"kusho isitatimende sikaNdimande.
Ungqongqoshe ucele abaphathi base-TUT namaphoyisa ukuthi babambisane kuliwe nabaphehli bodweshu.
Funda nalolu daba: Kumiswe ukufunda e-TUT
"Sekuhleli obala ukuthi kunabathile abaphehla udlame abangabakhathalele abafundi."
NgoMgqibelo kudingeke ukuthi kuvalwe amasango kulesi sikhungo, ngesikhathi kuqubuka udlambedlu kwagcinwa kushiswa izimoto ezingu-18.
Okhulumela amaphoyia uLieutenant Colonel Khensani Magoai, uthi kuvulwe icala lokucekela phansi impahla.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.