isiZulu Ama site/IZINHLELO >

USutcliffe uyisa umkhandlu enkantolo

2012-06-22 14:42
Durban - Lowo obeyimenenja kaMasipala weTheku uMichael Sutcliffe ukuqinisekisile ukuthi uzoyisa lowo owangena esikhundleni sakhe uSibusiso Sithole enkantolo kulandela umbiko wophenyo.

"Ngenxa yobucayi bezinsolo ezenziwe nguSibusiso Sithole, ngaphandle kwesisekelo nangokunganaki, sengikhethe ukuqala uhlelo lokufuna ukunxeshezelwa," kusho uSutcliffe ngoLwesihlanu eThekwini.

Lo mbiko ungumphumela wophenyo kulandela izinsolo zokukhwabanisa nenkohlakalo kulo masipala.

Lo mbiko weManase, owakhishwa nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana eKZN uNomusa Dube ngoFebhuwari, waveza ukuthi uSutcliffe waphambana nomthetho iPrevention and Combating of Corrupt Activities Act ngokungazibiki izigameko zenkohlakalo nokukhwabanisa.

Waphetha ngokuthi uSutcliffe wahluleka ukubhekana nokukhwabanisa nenkohlakalo eyagqama embikweni wangaphambilini.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


SAPA
Ad:Funeral Cover from R29/m
«Emuva
Ad:Standard Bank Life Cover