Lokhu kuvele ezindabeni zeCity Press, ngeSonto.
UMadikizela-Mandela usho lokhu ephonsa inselelo ngomthetho iState Land Disposal Act, okuyiwo owasetshenziswa nguTata ngesikhathi ebhalisa umhlaba.
Funda nalolu daba: Kuwuchuku okwenziwa nguMadikizela-Mandela
Ngokusho kukaMadikizela-Mandela, iNkosi yesizwe sabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo, wamnika umhlaba ngesikhathi uMandela esejele, uthi namanje umhlaba kumele engabe usegameni lakhe.
"Itayitiyela alitholakalanga ngendlela, kunenkohlakalo eyaba khona ngesikhathi uMandela enikwa itayitela. Kumele engabe usegameni lami hhayi elakhe," kusho uMadikizela-Mandela.
NgoLwesibili ummeli kaMadikizela-Mandela uMvuzo Notyesi, waveza ukuthi sebehambise amaphepha eNkantolo eNkulu eMthatha, ngenhloso yokuphoqa ukuthi umuzi kaTata oseQunu, ube segameni likaMadikizela-Mandela.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.