Johannesburg - Umholi we-DA, uHelen Zille usenxenxe abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqinisekise ukuthi i-ANC, ithola amavoti angaphansi kwengxenye esifundazweni saseGauteng.
"Singasinqoba isifundazwe saseWestern Cape siphinde sinciphisele i-ANC ngamavoti eGauteng," kusho uZille ekhuluma eseGreenmarket Square, eKapa.
"Kucace bha ukuthi i-DA izodla umhlanganiso eWestern Cape, akhona namathemba eGauteng. Kumele sime sibambisane silwele imisebenzi, kumele sonke sivotele i-DA."
UZille uthi abantu abaningi baseNingizimu Afrika sebebonile ukuthi iDemocratic Alliance yilona kuphela iqembu elingalwa nenkohlakalo.
"I-DA yaqala umthetho othi akumele abasebenzi bakahulumeni bangene emabhizinisini nohulumeni," echaza.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).