Johannesburg - Iqembu elikhuli eliphikisayo kuleli, iDemocratic Alliance, lingase sebenzisane namanye amaqembu aphikisayo ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2016.
Lokhu kuvezwe ngumholi weqembu uHelen Zille, ekhuluma esenkomfeni yeqembu eBoksburg, e-East Rand.
"Sizonqoba ngo-2016, uma singawathathanga wonke amavoti, siyosebenzisana nabathile komasipala kuyona yonke iNingizimu Afrika," kusho uZille.
Funda nalolu daba: Ningawavoteli amaqembu amancane - Zille
"Singase singene kuhulumeni wokubusa ngokubambisana, nokho sibe yilona qembu elinamandla amaningi," kuqhuba uZille.
UZille uthi abantu bayakhula ekukwazini ukuzikhethela, wathi abaningi abasavoti ngoba bebuswa yibala.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.