Pretoria – Ukukhubazeka komsubathi u-Oscar Pistorius akumele kube yisona sizathu sokuthi angadonsi isigwebo sakhe, kusho uMengameli wezwe uJacob Zuma, kusho imibiko.
Abezindaba zeGuardian babike ukuthi uZuma ugxeke ithimba labameli bakaPistorius, abafakaza bathi kumele acatshangelwe ngoba ukhubazekile futhi unemali.
UPistorius ugwetshwe iminyaka emihlanu ebhadla ejele, mayelana necala lakhe lokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp, nekwatholakala ukuthi wambulala ngokungenhloso.
Isehlakalo senzeka emzini kaPistorius osePitoli, mhlaka-14 Febhuwari 2013.
UZuma utshele iThe Guardian ukuthi baningi abantu abakhubazekile abasemajele, wathi ukuthi unemali akungene ecaleni.
Funda nalolu daba: UMbuso awuphikise esikaPistorius
Umsubathi uphinde wanikwa iminyaka emithathu ngecala lokudubula emphakathini, nokho walengiselwa ngemihlanu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.