Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma uthi akaze afise ukuhola i-African National Congress noma izwe, kodwa wakwenza ngoba ehlonipha inhlangano yakhe, kusho umbiko.
"Angikaze ngihalele ukuphatha...kodwa kwathi i-ANC isithi angithathe amatomu kwangaba khona ukujikela emuva kwendlu," esho ngesikhathi ekhuluma emsakazweni i-Talk Radio 702 naku-567 CapeTalk ngoMsombuluko.
UZuma ubephendula ngesikhathi umshayeli walolu hlelo uRedi Tlhabi egcizelela ekutheni uZuma "wayehalela" ukuhola izwe.
UZuma usehole i-ANC iminyaka emihlanu kanti izwe uselihole emithathu.
Uthe uma i-ANC ingasafuni ukuthi ahole, uyoshenxa.
"Uma i-ANC ithi isiyabonga, ngiyohlonipha isinqumo sayo."
UZuma wenqabile ukuphawula ngokuba nesithembu nokugxekwe ngumakadebona we-ANC uWinnie Madikizela-Mandela.
Uthe akasiboni isidingo sokukhuluma ngempilo yakhe yangasese uma kungekho ekwenzayo ukuphazamisa indlela aphethe ngalo leli lizwe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA